04/06/2026
Kwenzakalani umuntu meshonele ejele.
Ziningi ke izinto ezidala ukuthi umuntu agcine edlula emhlabeni esejele. Kungaba ukugula, kungaba ukugwazwa noma ukushawa ziboshwa noma amaphoyisa, noma umuntu azikhunge yena khona lapha ejele.
Sekukaningi ngibona ngiphinde ngilale la okunomuntu oshonile khona. Ngamanye amazwi sengilale cishe amahlandla amahlanu ngilele endlini eyodwa nomuntu esedlulile emhlabeni.
Ngoba lapha ejele ijele malivalwa ngo 4 usungagula uze ufe usizo ungalitholi, kakhulu musemajele ayingozi uphinde ube se maximum, amaphoyisa ayasaba ukuvula mase kuvaliwe.
Kuyenzeka isiboshwa sibanjwe ukugula ijele selivaliwe futhi lokho kugula kudinge ukunakekelwa manje. Ngoba ngisho kunzima ukuthola usizo ijele mase livaliwe, umuntu agcine edlula emhlabeni.
Kuyenzeka futhi nilale niphelele manivuka ekuseni lutho umuntu ukuvuka masiyobalwa, manithi niyobheka umuntu Kade eshonile. Okanye nithi niyavuka nifice umuntu ezilengisile kuyo lemibhede emincane esilala kuyo.
Umuntu mase edlulile emhlabeni uDCS uyaye uzame ukuxhumana nomndeni kamufi bawazise kuze umndeni munamandla uzozilandela wona isidumbu uyozifihlela.
Kodwa futhi uDCS mungawutholi umndeni kamufi bayaye bakufihle bona benguhulumeni, ziningi iziboshwa esezashona emajele uhulumeni wazifihla ngoba bengakhonanga ukuxhumana nemindeni.
Kwabakholelwa ekulandeni umuntu ngehlahla nabo uDCS uyavuma umndeni ungene ngaphakathi ulande umuntu wawo ngehlahla.